MBONGISENI BUTHELEZI
I SIKHULU esiphezulu seSouth African Football Association (Safa), uDennis Mumble, sithe bazoludingida ngempelasonto udaba lomqeqeshi weBafana Bafana, u-Ephraim “Shakes” Mashaba.
UMumble ubekhuluma nezintatheli eSafa House izolo ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azodlala kuma-Pay-Offs e-ABC Motsepe League aqala ngesonto elizayo eBloemfontein.
“Ngempelasonto kuzoba nomhlangano wekomidi elibhekelele ukusebenza kwabaqeqeshi bamaqembu esizwe. Lizodingida ikusasa likaMashaba. Naye uzokwethula umbiko wakhe ngokuthi kuhambe kanjani ngemidlalo yokuhlungela i-Afcon. Lizobe selisitshela ngokufanele kwenziwe,” kusho uMumble.
Uthe nosomaqhinga weSafa, uNeil Tovey, kuwumsebenzi wakhe ukuqinisekisa ukuthi izinsiza ziyatholakala kuzona zonke izifunda zeSafa.
“Kufanele kuthuthukiswe onompempe nabaqeqeshi, nokho okuyinto engeke yenzeke ngeminyaka emibili nje kuphela. Kuhle ukubona abadlali abafana noKeagan Dolly abebedlala emaqenjini amancane sebeseqenjini elikhulu.” kusho uMumble.
UDolly ushaye amagoli amabili ngesikhathi iBafana iguqisa iGambia ngo 4-0 ngempelasonto kowokuhlungela i-Afcon.
Ngokubona kukaMumble izinto kuBafana zibhimbe emidlalweni emibili yokuqala yokuhlunga. Elakuleli lavula ngo 0-0 libambana neGambia ekhaya kwathi ekuhambeni lathelwa phansi yiMauri-tania ngo 3-1.
“Ngingathi izinto kazihamba kahle emidlalweni yethu emibili yokuqala. Bathi ihhotela ababehleli kulona belilihle kodwa abadlali babengeneme ngalo. Uzosichazela ukuthi kwenzekani ngoba i-Afcon neNdebe yoMhlaba kubaluleke kukhulu yize i-Afcon ilandela ngemuva. Nokho uma wenza kahle kokunye, maningi amathuba okwenza kahle nakokunye. Manje sesizobheka iNdebe yoMhlaba eRussia (ngo-2018),” kusho uMumble.
Uzichithile izindaba zokuthi bazingela uGavin Hunt ukuvala ngaye isikhala sikaMashaba.
“Akekho owethu oke wakhuluma ngoHunt. Lo muntu unenkontileka neqembu lakhe (iBidvest Wits),” kusho uMumble.