MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA
AKADIKIBELE ngokuphuthwa yithuba lokuyozama inhlanhla neqembu akhule eleseka uPhakamani Mtolo otomule iChippa United ngesikhathi abadlali abawu-16 abebeseqenjini leNedbank KeYona befakwa emaqenjini awu-16 ePremier Soccer League (PSL).
UMtolo (23) odabuka oFafa, eXopo, KwaZulu-Natal (KZN), uwudlale wawuqeda umdlalo ngesikhathi iqembu iKe Yona liguqiswa yiMamelodi Sundowns ngo 2-0 ngeledlule.
Lo mdlali, oyibamba ngakwesokunxele emuva, ukhule eseka i-Orlando Pirates kodwa ugcine etomule iChilli Boys elolongwa nguRoger Sikhakhane. Ungomunye wabayisihlanu baKwaZulu-Natal asebebheke ukuzitholela izinkontileka kuPSL uma sebeqala ukuzilolonga namaqembu ahlukene kusukela ngo-Okthoba 1.
Abanye uBonginkosi Shangase waseMbali, eMgungundlovu, ozohlolwa yi-Orlando Pirates, Roskruge Quade waseWentworth, eThekwini, olibangise kuPolokwane City, Smamiso Gumede waseMpangeni oyozama ukuthatha iso lika-Ernst Middendorp kuFree State Stars. UThabani Mbedu waseMpolweni, eMgungundlovu uyozama inkontileka kuLamontville Golden Arrows.
“Mina ngikhule ngizifela ngePirates kodwa angiphathekile kabuhlungu ukuthi ngiphuthwe yithuba lokuyozama inhlanhla nayo ngoba ingcindezi iningi kuPirates. Angisho ukuthi incane kuChippa kodwa ngicabanga ukuthi ngingakhula ngibe ngumdlali ongcono kuleli qembu,” kusho uMtolo.
“Umqeqeshi walo uyakholelwa kubadlali abancane futhi abaphuma e-KZN. Ngizimisele ngokwenza konke okusemandleni ami ukukhombisa umqeqeshi weChippa ukuthi kungifanele ukuthola inkontileka. Ngifuna ukufeza iphupho lami lokudlala esigabeni esikhulu ngoba lokho kungashintsha impilo yami neyomndeni wami. Sengidlale isikhathi eside ezigabeni eziphansi,” kusho uMtolo.
Leli nxele kudala liwa livuka. Lidlale kuBlack Leopards Reserve egijima kuSafa ABC Motsepe League, layibamba kuNorthern Youngsters (edlala kuMotsepe League eNorthern Cape) nakwiSgcino Cosmos edlala kuMotsepe League e-KZN.
UShangase (25) uzobe esebuya okwesibili kuPirates kwazise eminyakeni edlule ayimthathanga eyozama inhlanhla. Kunalokho wagcina ethathwe yiKaizer Chiefs adlala kuyo eqenjini lika-Under 15 nelika-Under 17.
“Ngidlale kuChiefs ezigabeni eziphansi kodwa ngaphuma ngesikhathi sekuvalwa isikhungo ngo-2009. Ngibuyele ekhaya ngazoqhubeka nesikole, ngagcina sengidlalela iqembu leDurban University of Technology, ngagcina sengidlalela iqembu lesi-zwe,” kusho uShangase ongumlandeli weChiefs.
“Nginethemba lokuthi ngizoyithola inkontileka kuPirates ngoba ngidlala ibhola elifanayo nabadlali abakhona abafana noThabo Rakhale abanikezwa inkululeko ngumqeqeshi u-Eric Tinkler. Nakuba iminyaka isihambile kodwa bengingalilahlile ithemba ngoba bakhona abadlali abafike kuPSL sebebadala, bengiqhubeka nokusebenza kanzima.”
Uthe uma engasayiniswa yiPirates, angajabula ukuthola inkontileka kwelinye iqembu kuPSL.