MINENHLE MKHIZE
I NGENE kwelikhulu ihlazo iPremier Soccer League (PSL) kucima izibani emdlalweni we-Absa Premiership obuphakathi kwe-Orlando Pirates neSuperSport United ePeter Mokaba Stadium, izolo ebusuku.
Umdlalo ugcine uhlehlisiwe ngenxa yenkinga kagesi.
Le nkinga iqale ngomzuzu ka-63 ngesiwombe sesibili lapho iSuperSport United ibihamba phambili ngo 1-0 wegoli likaMichael Boxall.
Izindaba zokuhlehla kwalo mdlalo ziqinisekiswe nguLuxolo September okhulumela iPSL.
“Umphathi womdlalo uthathe isinqumo sokuthi umdlalo awuhlehlise ngoba abaphathi benkundla bahlulekile wukuqhamuka nesisombululo senkinga kagesi ebesibhekene nayo. Ukuphela kukagesi enkundleni akuphathelene nenkinga kagesi ehlasele ezweni.
“Eminye imininingwane ngomdlalo sizoyicacisa kahle kusasa (namuhla),” kusho uSeptember.
Umdlalo uthe uzoqhubeka lapho ugcine khona emzuzwini ka-63.
Igoli lingene ngesiwombe sokuqala ngomzuzu ka-23 kulandela elihle ibhola ebeligotshwe nguDavid Mathebula kade kuyi-free kick.
Ezimbi ngezokuthi iPirates ilinyalelwe ngunozinti wayo wokuqina uBrighton Mhlongo olimale edolweni.
Indawo yakhe igcine ithathwa nguFelipe Ovono okume umdlalo engakangeni.
Omunye umdlali othintekile kulo mdlalo nguThabo Rakhale obeyiphela endlebeni kuSibusiso “Madoh” Khumalo amphendule umgqwaqo ngesiwombe sokuqala.
IPirates akuyona kuphela elinyalelwe ngumdlali kwazise nomqeqeshi weSuperSport uGordon Igesund uphoqeleke ukuthi enze ushintsho ngesiwombe sokuqala.
UMathebula ushayeke ekhaleni kade ebanga ibhola no-Issa Sarr.
Kulo mdlalo umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Eric Tinkler akazange alishintshe kakhulu iqembu lakhe kwazise wenze ushintsho olulodwa kuleli elishaye iSC Sfaxien ngempelasonto.
Endaweni kaKermit Erasmus ufake uTendai Ndoro abuye amkhipha ngoka-55 wafaka lo mgadli oqale ebhentshini.
EZimnyama yizona ebeziphethe umdlalo kodwa zihluleka wukhwakha amathuba acacile okushaya amagoli kwazise akekho amabhola anzima abehlupha unozinti waMatsatsantsa A Pitori, uRonwen Williams.
Ngemizuzu engu-10 yokuqala iPirates iyona ebibuza imibuzo odongeni lwasemuva lweSuperSport kubhoke uRakhale noNdoro obedlala okokuqala kule sizini ka-2014/15 yePremier Soccer League (PSL).
Ibuye ngamandla iSuperSport ngomzuzu ka-19 lapho uBoxall ecishe echitha izishebo kweminye imizi engqofela ngekhanda ibhola abeligotshelwe nguDavid Mathebula kodwa wasebenza uBrighton Mhlongo eliphebezela eceleni.
Le nsizwa yaseNew Zealand igcine iwonile umcimbi waMabhakabhaka inamathelisa elihle igoli ngemuva kwebhola ebeliqhamuka kuMathebula kade kuyi-free kick ngoka-23.