BAWINILE NGCOBO
K UVELE okushaqisayo izolo eNkantolo yeMantshi ePinetown umfundisi waseKlaarwater osolwa ngokuba ngungqondongqondo ecaleni lokubulawa komunye umfundisi wesifazane wase-Nagina owagwazwa amanxeba angu-21 emzini wakhe nyakenye efaka isicelo sebheyili.
UMfundisi Bavelile Victoria Mahlalempini ongunina kasomabhizinisi, uNkk Thandeka Nene, wabulawa ngoDisemba nyakenye ethandazela ukulala nomndeni wakhe ngesikhathi kungena amadoda angaziwa, abopha ababekhona, amgwaza abe esezitapela izimpahla endlini ahamba ngemoto yakhe iToyota Corolla. Izolo eNkantolo kuvele abasolwa okunguThandukwazi Dludla, Thamsanqa Dlamini, Sandile Ngcobo, Mfu Bernard Dlamini, Hloniphani Dlamini noScelo Njoko. UMfu Dlamini ufake isicelo sebheyili.
UNgcobo noMfu Dlamini bangene behamba ngezinduku ezisetshenziswa ngabantu abaphukile, uDlamini ubehamba ngeyodwa, uNgcobo ehamba ngezimbili. Abanye abasolwa ababetshele inkantolo ukuthi bayakuhoxisa ukufaka izicelo zebheyili bashaye umngqimphotho sebethi bafuna ukuzifaka.
Laba basolwa bebengafuni ukukhuluma enkantolo bephonswa imibuzo, bebevele bazithulele nje uma bebuzwa. Bekuphoqeleka ukuthi iMantshi, uNkk Ambigabatha Kirsten, ukuthi ibabuze ngamunye ebifuna bakuphendule. Efaka isicelo sebheyili uMfu Dlamini, umphenyi wecala uWarrant Officer Jerome Ndlovu uveze ukuthi uMfu Dlamini waqasha uDlamini (Hloniphani) ukuthi abulale uNkk Mahlalempini, yena wathola uNgcobo noNjoko ukuthi bamlekelele.
Uthe uMfu Dlamini waqasha imoto eyahambisa laba basolwa, wabakhombisa umuzi kodwa yena wangangena ngaphakathi.
Uthe wayekade eyilungu lebandla likaNkk Mahlalempini iPower of God Ministries waxoshwa kulo wabe esezivulela elakhe elinegama elifanayo.
UNdlovu uvezele inkantolo ukuthi ibandla likaDlamini lalingabhalisiwe ngokusemthethweni ngakho wahlasela umufi ngoba efuna amaphepha ebandla ngoba ngokuba nawo wayezozuza ngasezimalini ngenxa yokuthi ibandla linabantu abaningi abalixhasile.
Umphenyi uthe uDlamini wesula emsebenzini ngoba efuna imali yempesheni ukuze akhokhele ayebaqashile ebathembise uR75 000 no-R20 000 ngaphezulu. Uthe ‘izinkabi’ bezingakakhokhelwa.
UNdlovu uthe owayekhona kusuka kubunjwa itulo lokubulawa kukaMahlalempini usephenduke ufakazi futhi nguye okhiphe bonke abasolwa njengoba beboshiwe.
UMnuz Clinton Smith omele uDlamini ufunde incwadi efungelwe ethi uneminyaka engu-50, ungumfundisi we-African Gospel Church, ushadelwe unezingane ezine, unomuzi eKlaarwater futhi ufundisa e-UKZN, Edgewood College lapho eboshelwe khona esafundise amasonto amabili.
Phambilin ubenguthisha kwaSanti iminyaka engu-18. UMfu Dlamini uthe uyaliphika icala ngoba akahlangene nalo futhi akabazi ofakazi balo.
Uthe ngeke aze alibalekele icala ngoba unomndeni awondlayo, kunomphakathi ahlalisene nawo nebandla. Uthe wabambisana namaphoyisa eboshwa futhi ukudedelwa ngeke kuphazamise ukuthula emphakathini. Uthe udinga ukuba ngaphandle ngoba ujovela ushukela nsukuzonke.
IMantshi uKirsten ithe ukuthi uDlamini uneminyaka emingaki akusho lutho olungako nanokuthi uyasebenza uyondla, vele amadoda angangaye enza kanjalo. Uthe umjovo kashukela angawuthola nasejele. Unqabile nebheyili icala lahlehlela kuMeyi 27, okuzolalelwa ngawo isicelo sebheyili sikaDlula noDlamini (Thamsanqa). Abanye abasolwa ummeli kahulumeni.