BONISWA MOHALE
A BANTU bokufika bathi abazimisele neze ukubuyela emazweni abo ikakhulukazi abaseDemocratic Republic of Congo naseBurundi njengoba bethi namanje impi yobuzwe isaqhubeka.
Izolo abantu bokufika akade bezimisele ngokumasha ezitaladini zeTheku besuka epaki yeSilo uDinizulu (Botha Gardens) iya eMoses Mabhida Stadium bahlangabezane nezimbila zithutha, amaphoyisa ebatshela ukuthi abasavumelekile ukuqhubeka nemashi yabo.
UMnuz Akili Arthur Kabila wenhlangano iCongolese Solidarity Campaign uthe kuyabaxaka ukuthi amaphoyisa abatshele ukuthi kabanayo imvume yokumasha ngoba bebenayo incwadi ebagunyazayo ukuthi bamashe kodwa kwathiwa ngeke bakwazi ukuqhubeka nezinhlelo zemashi kwazise izikhulu zikaMasipala weTheku bezisabela ukuthi kungase kuqubuke udlame.
“Angazi ukuthi kuqhubekani lapha ngoba ngibone amaphoyisa esesishaya ngesisi esikhalisa unyembezi. Abantu baseNingizimu Afrika bebememeza bethi ‘awahambe amakwerekwere’, bahlasela ozakwethu yingakho-ke amaphoyisa ekhethe ukuhlakaza imashi. Ngiphuma eSouth Kivu eDRC namanje impi isaqhubeka ngisho kuzo zonke izindawo eziseNtshonalanga yezwe lethu kusaliwa. Angazi uma besixosha lapha bathi siye kuphi. Asizenzi sisuswa yimpi nathi siyathanda ukuthi isimo sibuyele kwesejwayelekile kodwa-ke akwenzeki,” kusho uKabila.
Unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuba bayeke ukubahlasela ngoba nabo bangabantu futhi bayayazi impi yingakho belapha. Ngesikhathi Isolezwe lixoxa noKabila intsha yaseNingizimu Afrika ethe iphuma eMlazi, KwaMakhutha, Folweni, Nanda nasePort Shepstone, ibikhuza ingoma ethi Kwanyakaza imikhonto wenkonyana kaZulu nesiqubulo esithi Hamba Kwerekwere.
Bebuzwa ukuthi kungani bethi abahambe abokufika bathe babulala izingane zaseNingizimu Afrika, bayaziqwayizisa futhi emaflethini sekugcwele bona. Bathe ngeke besavota. Leli qulu belichukuluza abokufika abebemasha kwaze kwagcina sekusuka uthuli lwezichwe kwakhona abalimalayo.
Yize imashi iqale yahlakazwa epaki kaBotha ngabo-10 ekuseni kodwa isigejana sabantu bokufika siqhubekile samasha kodwa saphinde sahlazakwa sesiqeda ukudlula emqwaqweni u-Field Street odabula kuDr Pixley kaSeme (West Street).
Siye saqhubeka lesi sigejana saze sayofika eCity Hall kanti kuthe ngabo-11.45 kwangena iqulu labase-Ethopia abafike benomdlandla bekhuza iziqubulo ezithi Africa Unite.
UMnuz Ephraim Tesfaye wase-Ethopia uthe kuyishwa ukuthi bangafika ekuseni eThekwini bezozwakalisa izikhalo zabo zokubulawa bengenzanga lutho bese beyavinjwa. Uveze ukuthi kulo nyaka nje sekubulawe abase-Ethopia abangu-34, abahlanu bashiswa ezitolo zabo KwaMashu naseNtuzuma.
Ezweni jikelele bangu-312 abase-Ethopia ababuyiselwe emakhaya ngamabhokisi, uthe ngisho nayizolo basuke KwaMakhutha kushiswe isitolo somunye.
“Awukho umsebenzi esiwuthathela abantu sizidayisela impahla kuma-tuckshop ethu. Asinazo izikhali singabantu abakhulekayo. Namanje uyabona bahlasele umfowethu phambi kwamaphoyisa angenza lutho,” kusho uTesfaye.
Khona ngaleso sikhathi kube sekungeniswa owase-Ethopia obegxiza igazi, uthathwe ngonogada baseCity Hall bamshushumbisa ukuze ayothola usizo lokulashwa inxeba ebelisekhanda.
Bekungasaqondakali-ke ukuthi uhlu lwezikhalo zabo luzothathwa ngubani nokuthi liphi iphepha elinalezo zikhalo.
UDkt Musa Gumede oyiPhini leMenenja kaMasipala weTheku, ubematasa ocingweni lwakhe wangakhuluma ne Solezwe ekhala ngokuthi kuseza uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu.
UMchunu ube nomhlangano nabaholi babokufika eCity Hall kanti bekukhona nabaholi bamabandla ahlukahlukene angaphansi kweDiakonia Council of Churches.
Isolezwe likhulume noCardinal Wilfrid Napier wamaRoma othe abantu kumele bahloniphane bazikhumbule ukuthi bangumzimba kaKristu futhi uNkulunkulu akakufuni lokhu okwenzekayo.
UMbhishobhi uRubin Phillip uthe bagqugquzela ubunye kuma-Afrika wacela abahlasela abokufika ukuba babuyise ubuntu.