TANIA BROUGHTON
U SOMABHIZINISI wamabhasi aseThekwini uMnuz Mandla Gcaba usolwa ngokusebenzisa imali yenkampani ngokuchitha uR100 00 ekhokhela umsebenzi owenziwe emzini wakhe eKranskop.
Lokhu kuvele eNkantolo eNkulu eThekwini lapho inkampani yokubiya iConrite ifake isicelo sokudayisa umuzi kaGcaba obiza u-R5 million eMhlanga ukuze kukhokheke isikweletu sayo.
Kubikwa ukuthi uGcaba ukweleta abakwaConrite uR500 000.
Iphephandaba i Mercury like labika ngelinye icala lapho uMasipala weTheku ufuna ukudayisa inkampani yamabhasi kaGcaba iTransnat. Umasipala usola lo somabhizinisi ngokuboleka u-R30.7 million angakaze awukhokhe. Izikhulu ziveza ukuthi iTransnat kumanje ikweleta umasipala u-R53 million kanti sekuphele iminyaka emibili kungekho zitatimende zezezimali ezenziwe. Kuthiwa kule minyaka emibili inkampani ibisilekelelwa umasipala ihluleka wukubhekana nezinye izindleko zebhizinisi.
UGcaba uyaphika ukuthi waboleka le mali kodwa kwenzeka iphutha nge-akhawunti yakhe.
AbakwaConrite basifake ngesonto eledlule isicelo sokudayisa umuzi kaGcaba awuthenga ngo-2011.
UMnuz Michael Speirs oyiMenenja kwaConrite encwadini efungelwe, uthe inkampani ithathe lesi sinqumo emuva kokuba ngo-Agasti ingakhokhelwanga umsebenzi wokubiya. Ngo-Okthoba kwathunyela isikhonzi senkantolo ukuthi sibheke impahla engadliwa kodwa ayikho ebingalingana nesikweletu anaso. Kuthiwa izimpahla ebezingadliwa okubalwa amathelevishini, umshini wokuwasha nefriji zifinyelele ku-R32 000. Babuye baba nesivumelwano noGcaba owathembisa ukuqala ngoNovemba ukukhokha uR100 000 ngesonto kuze kuphele isikweletu.
USpeirs uthe uGcaba wakhokha okokuqala ngoNovemba 12 kwavunyelwana ukuthi uma ephule isethembiso kuyomele asikhokhe sonke isikweletu.
Okwenze abakwaConrite baqhubezele udaba enkantolo wukuthi wahluleka wukufeza isethembiso njengoba kuthiwa isikweletu sesibili wasikhokha sekudlule izinsuku eziwu-10, wagcina.
“Uma engakwazi ukwenza ezinye izindlela zokukhokha akukho okunye ngaphandle kokuthi kudayiswe umuzi,” kusho uSpeirs.
Kulindeleke ukuthi uGcaba alethe impendulo encwadini efungelwe enkantolo ngoMashi.
USpeirs uthe bacabanga ukuthi umuzi kaGcaba ungabiza u-R5.4 million.
“Ngaphandle kwalokho akukho okunye esikwaziyo ngesimo sezimali zakhe ngaphandle kokuthi uyisikhulu ezinkampanini eziningi,” Speirs othe isibalo sezinkampani sicela ku 40.