FANELESIBONGE BENGU
UKUGULA kwelungu leBoom Shaka uTheo Nhlengethwa sekuphazamise ukubuya kwaleli qembu eladuma ngama-90’s njengoba bekulindeleke ukuthi lingene estudio.
IBoom Shaka eyaduma ngama-90’s ngekwaito ihlanganiswe nguJunior Sokhela, Theo Nhlengethwa, Thembi Seete noLebo Mathosa ongasekho.
Leli qembu ngaphambi kokunyamalala ngo-1999 lalishisa izikhotha ngezingoma okubalwa kuzo ethi It's About Time, Thobela nezinye. Ngemuva kwalokho amalungu ayo akhetha ukusebenza ngokuhlukana.
NgoDisemba nyakenye kumaChannel O Africa Music Video Awards, iBoom Shaka yahlonishwa ngendondo yeSpecial Recognition okuyilapho kuvele ukuthi isezinhlelweni yokubuya.
UTheo, oke waba semabhukwini eTouch Afrika Records kaMdu Ngcobo eThekwini, Isolezwe lithole ukuthi usesibhedlela uyagula. Lezi zindaba ziqinisekiswe ngumphathi wabaculi eKalawa Jazmee, uScotch Mathenga.
IBoom Shaka iqopha eKalawa Jazmee.
“Benginaye nje ezinsukwini ezedlule esibhedlela (angafunanga ukusidalula) esho ukuthii kumele ngabe baqalile ukusebenza beqopha umculo omusha kodwa usabanjwe wukugula,” kusho uScotch.
Uthe: “Kunegazi eliconsela ebuchosheni kodwa odokotela bathembisa ukuthi uzolulama maduzane.”
Uthe abantu mabalindele ukuzwa umculo weBoom Shaka omusha nonyaka.
IBoom Shaka yilona qembu laseKalawa elingakaze libuye.
IBrothers of Peace ibuyile ngo-2011 ngengoma ethi Wamuhle okucula kuyo uNokwazi noQOB.
Elinye iqembu elibuyile nyakenye yiTrompies nge-albhamu ethi Delicious, i-Alaska yona ibuye nge-albhamu ethi The Revival kwathi iMafikizolo ngo-2013 yadedela iReunited eyashisa izikhotha.