BONISWA MOHALE
I NHLANGANO esiza izingane ezihlukunyeziwe i-Bobbi Bear isizwakalise ukukhathazeka kwayo ngokutholwa kwezingane ezidukile sezibulewe.
Abakwa-Bobbi Bear bakhulume kanje emuva kokutholwa kwesidumbu sikaNokukhanya Zama (15) waKwaMakhutha ehlathini laseMkhazini ngaseFolweni.
UNokukhanya (osesithombeni) waduka ngoJanuwari 11, kusolakala ukuthi wathathwa ngabantu thizeni esuka eMkhazini elibhekise eMiseni, emaRomeni.
Umndeni umthungathe wangamthola isidumbu sakhe sagcina sibonwe yizinja zomzingeli obesehlathini elibudebuduze nakubo eMkhazini.
UNokukhanya akusiye yedwa intombazanyana eduke isendleleni eya esontweni kwazise namantombazane amabili ase-St Faiths awakatholwa namanje.
UNkk Sbo Ngcobo, we-Bobbi Bear, uthe kuyabakhathaza ukuthi izingane uma zidukile zitholwa sezibulewe esho nokuthi kumele umphakathi usukume ukuqeda lesi sihlava.
“Kunyukile ukuthunjwa kwezingane bese zitholwa zishonile. siyakugxeka kakhulu lokhu futhi sinxusa umphakathi kuba usebenzisane nathi namaphoyisa ukukhipha izigilamkhuba ezihlukumeza izingane. Kubuhlungu ukuzwa ukuthi izingane ezincane ziyabulawa ngoba ziyikusasa lethu. Sicela zonke izinhlaka zilusukumele phezulu udaba lokubuda kwezingane,” kusho uNkk Ngcobo.
Phambili umndeni wakwaZama uzwakalise ukungeneliseki ngendlela amaphoyisa aluphethe ngayo udaba lokuduka kukaNokukhanya kwazise abekhala ngokuthi azifunele yena kwaze kwaba sekugcineni.
Uninakhulu omncane, uNkk Ntombikayise Cele, ukhale ngokuthi ngesikhathi beyobika amaphoyisa abatshela ukuthi mhlawumbe usesokeni mabalinde izinsukwana.
“Sicela amaphoyisa ayeke ukukwenza umdlalo ukuduka kwezingane ngoba thina asitshela ukuthi ingane yethu isesokeni sibe sisho ukuthi idukile. Kumanje itholwe isishonile. siyacela nabawaphethe bawafundise indlela yokuphatha abazali abalahlekelwe yizingane,”kusho uNkk Cele.
UNokukhanya uzofihlwa ngoMgqibelo emuva kwenkonzo ezoba sesontweni lamaRoma KwaMakhutha. Kube nenkonzo yesikhumbuzo esikoleni abefunda kuso KwaMakhutha Comprehensive High School lapho ebezokwenza khona ugrade 11 kulo nyaka.
UMajor Thulani Zwane, wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe zonke izigameko zibhalwa ebhukwini labo elibizwa nge-Occurrence Book bese kuthi udaba lomuntu odukile luvulelwe idokodo kungabikhona inombolo yecala.
Inombolo yecala iba khona uma umuntu esetholiwe wathi icala likaNokukhanya liphenywa ngu-Warrant Officer Ndlela futhi uyaxhumana nomndeni.
Ugqugquzele umphakathi ukuthi ubike kubaphathi bamaphoyisa uma unganelisekile ngendlela ophatheke ngayo.
UNkk Diane Kohler Barnard we-Democratic Alliance, uthe kumphatha kabi ukuzwa ukuthi amanye amaphoyisa akuthatha njengehlaya ukuduka kwezingane wathi udinga imininingwane yawo ukuze ezojeziswa.
“Uma umuntu edukile noma ngabe yingane noma wumama, ugogo noma ngubani kubi ukuzitshela ukuthi usesokeni. Kumele amaphoyisa enze umsebenzi wawo. Kusiphatha kabi ukuthi kaziziningi iziteshi ezinophiko olubhekelele amacala ezingane olwavalwa nguKhimoshana wamaPhoyisa ogulayo, uMnuz Jackie Selebi.
“ Siyathemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi azovuselelwa kuzo zonke iziteshi ngoba zandile izigameko zokuhlukunyezwa kwezingane. Amacala anjena adinga ukuphenywa ngamaphoyisa ophiko oluthile, hhayi abhekelele wonke amacala ngoba izingane zigilwa imikhuba enzima. Ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini kaNokukhanya,” kusho uNkk Kohler Barnard.