BONISWA MOHALE
BEBEVUTHA bengabaselwe abesifazane abakhala ngenkampani ebaqole imali ibathembisa amaholidi ngezikhathi zikaKhisimusi emahhotela aphambili eNingizimu Afrika naseMozambique.
Izolo uNksz Andile Gumede noNksz Nomusa Ndlovu bagasele emahhovisi akwa-Astral Connect asenkabeni yeTheku befuna ukubuyiselwa imali yabo.
UNksz Gumede utshele Isolezwe ukuthi wathenga amavawusha ka-R900 kwa-Astral ethenjiswa ukubhukhelwa ehhotela elise-Mozambique waphinde wakhokha u-R200 ngaphezulu ngoba efuna ukuphumela ngaphandle kwaseNingizimu Afrika.
“Sifonelwa abantu abadayisa amavawusha amaholidi sikhokha o-R300 kuya phezulu. Bathi bazosibhukhela emahhotela siye nakoMozambique. Inkinga wukuthi sikhokhe imali ngoJulayi kodwa kuze kube manje asikasitholi isiqiniseko sokuthi sibhukhelwephi. Uma siza emahhovisi akwa-Astral Connect basitshela ukuthi yi-SA Gateways okumele isibhukhele. Kuyacaca ukuthi siyaqolwa lana sesifuna imali yethu,” kusho uNksz Gumede.
UNksz Ndlovu uthe kade imali ayikhokha futhi ubuphethe ubufakazi kodwa akajabule ngendlela aphatheka ngayo ngoba kulokhu kuthiwa akashintshe izinsuku zokuhamba bese bembhukhela kodwa abakaze bakwenze lokho.
“Uma uyolala ehhotela kumele kube nobufakazi bokuthi ubhukhelwe awukwazi ukuzifikela nje. WuDisemba manje asikazitholi iziliphu ezifakazela ukubhukhelwa kwethu,” kusho uNksz Ndlovu.
UMnuz Adrian Thurston oyi-Chief Financial Officer kwa-Astral Connect uthe bayalwazi udaba lwamakhasimende abo kodwa inkinga ayikho ngakubona yinkampani obekumele ibhukhe amahhotela esephutheni okuyi-SA Gateways.
“Sine-Call Centre, sifonela abantu sibadayisele amavawusha senzela u-SA Gateways. Okwenzekile wukuthi abakwa-SA Gateways abawabhukhelanga amakhasimende amahhotela. Abantu abafuna ukubuyiselwa imali sizobabuyisela kuthatha izinsuku ezintathu kuya kwezine ukuba bayithole ebhange uma babekhokhe nge-debit order kanti uma bekhokhe ukheshi bayayithola ehhovisi,” kusho uThurston.
Uthe abasasebenzisani no-SA Gateways kodwa sebethole enye inkampani i-Platinum Leisure futhi amahhotela asebhukhwa yibona.