BAWINILE NGCOBO
K UMISWE onesi abayisikhombisa esibhedlela eStanger ngokushona kowesifazane waseNhlangwini, KwaMaphumulo, okuthiwa wabelethela ethoyilethi kulesi sibhedlela wagcina eshonile.
Isolezwe labika ngodaba lukaNksz Fikelephi Mfeka (osesithombeni) owashona emasontweni amathathu edlule eyobeletha esibhedlela. Ingane yakhe iyaphila, iselashwa esibhedlela.
Kuthiwa wabelethela ethoyilethi wagcina eshonile emuva kokuthi esehlale isikhathi eside engabonwa muntu opha.
Wayekulesi sibhedlela ngoba esikwa kanti uzoya ethoyilethi kwangaba khona omlandelayo wazibelethela.
Abahlengikazi baze baya kombheka ngoba sekubuze omunye umsebenzi ongesiye unesi ukuthi basakhumbula yini ukuthi uNksz Mfeka ungene ethoyilethi.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi uthe emuva kophenyo ngezinsolo zokuthi amanesi ayesebenza aba budedengu uNksz Mfeka waze wabeletha eyedwa ethoyilethe kukhishwe isinqumo sokuthi kumiswe emsebenzini amanesi ayekhona ngosuku okwenzeka ngalo lesi sigameko.
Uthe kumiswe amanesi ayisikhombisa ayeqondene ngqo nokunakekelwa kukaNksz Mfeka.
UMkhwanazi uthe nePhini leMenenja yamanesi kulesi sibhedlela lingase limiswe emsebenzini.
“Isinqumo sokubamisa sithathwe emuva kokwenziwa kwesigaba sokuqala sophenyo nokuqondana kwalawa manesi amisiwe nesigameko,” kusho uMkhwanazi.
Uthe abasebenzi banikwe izincwadi ezibazisa ukuthi kumele bavele esithangamini sokulalelwa kodaba lwabo. Isithangami okuthiwa iPre-Suspension Hearing, esizobanjwa ngokwe-Public Service Co-ordinating Bargaining Council Resolution 1 of 2003, sizoba sesibhedlela eStanger namuhla.
Uthe isinqumo ngokuzomele kwenziwe sizophuma kulesi sithangami wathi uMnyango weziMpilo esifundazweni uyafisa ukugcizelela ukuthi usebenza ngaphansi kwe-Batho Pele okungukubeka abantu phambili futhi wenza konke ukunikezela izidingo kubantu ngokwezinga elifanele.
Uthe uMnyango ngeke unanaze ukuthatha izinyathelo kunoma ngubani otholakala enecala lokungaziphathi kahle emsebenzini.
UNksz Thembile Mfeka ongunina omncane kaFikelephi uthe babafonela esibhedlela baya khona bayobhunga ngalolu daba. Uthe uma kukhona abazoya esithangamini sokuqondiswa kobugwegwe kuhle lokho ngoba bona bafuna izimpendulo.
“Ingane iyaphila isahleli esibhedlela kade siyoyibheka,” kusho uNksz Mfeka.