I NKAMPANI yaseSweden iVolvo Car Group isiqale uchungechunge lwezinhlelo ezizogcina ngokuthi kwethulwe le moto ebhekwe ngabomvu.
Ezinyangeni ezizayo kwaVolvo bazobe beqala ukukhipha amazwibela ngale moto kuhlanganisa ubuchwepheshe bayo beveza nendlela ebukeka ngayo ngaphandle kuze kufike kwezokuphepha.
Empeleni ukwakhiwa kwayo okuphelele kuzoqala ngo-2015.
Lena indlela ehlukile kwaVolvo abakhethe ukuyisebenzisa ukwethula le moto okuyinto engeke sithuke uma nezinye izinkampani zezimoto ziyilandela.
Kulo nyaka kuphela iminyaka engu-14 yethulwa i-XC90 okusho ukuthi icishe ilingane ngeminyaka ne Solezwe kwazise bashiyana ngeminyaka emibili.
Kusukela yethulwa ziningi izinto esezibonakale beziguqula kwaVolvo njengokuyandisa isikhala, ukuqinisa ezokuphepha nokuyifaka izinto zesimanje. Konke lokhu kuyenze kwaba yimoto ethandwayo emhlabeni.
Kusuka ngokuqala kuka-2015 abalandeli nabathandi bale moto kuningi okubhekeke ukuba babe sebekwazi nakuba yona izobe ingakabi khona.
Ngingomunye wabantu ababethatha izimoto zakwaVolvo njengezifanele amakhehla futhi nayo i-XC 90 ngangiyifaka ngaphansi kwalezo zimoto, kodwa ngokuhamba kwesikhathi beyishintsha nomqondo wami bagcine bewushintsha.
Ezimotweni zakwaVolvo igcine isiyimfivilithi ikakhulukazi kubantu abanemindeni ngenxa yesikhala sayo esikhulu, indawo ephephile ngemuva yokubeka impahla.
Iziqhomo zayo ngemuva ezinganakekile zazibengeza ubuhle, kodwa uma usondela kuyo kucace ukuthi kwaVolvo babehlose ukwakha imoto ephephile futhi ekwelinye izinga ezimotweni ezisesigabeni sama-Sport Utility Vehicle.
Isikhulu sakwaVolvo Cars uThomas Ingenlath, sithe into ehlaba kakhulu umxhwele nge-XC90 ngaphakathi i-touch screen yakhona ethi ayifane ne-tablet okungenye yezinto ezihambisana nesikhathi samanje.
Uthe ezinye izinto anesiqiniseko sokuthi zizodonsa kakhulu abantu isikhumba abasisebenzisile ngaphakathi, ukhuni egqize ngalo oluhlelwe ngendlela kanye neqhosha legiya elisangilazi.
Lokhu kukodwa kungacishe kukunike umuzwa wokuthi ukhona eStockholm enhlokodolobha yaseSweden kanti phinde.
KwaVolvo bathi kuningi abakwenzile okuhlukile kule moto njengokusebenzisa ubuchwepheshe bokuqala kule nkampani abathi iScalable Product Architecture (SPA), lapho kusuke kwakhiwa imoto okuzoba lula ukuyishayela, enesikhala esivulekile futhi ezohluka kwezinye izimoto.